Read this article in English

Inyuvesi i-WITWATRESRAND ihlela umgomo wokukhulunywa kwezilimi ezahlukahlukene. Lo mgomo uzohlanganisa isiZulu, isiSuthu kanye nesingisi (English) kube izilimi ezikhulunywa emagumbini okufundela nangaphandle kwamagumbi.

Inyuvesi i-WITWATRESRAND ihlela umgomo wokukhulunywa kwezilimi ezahlukahlukene. Lo mgomo uzohlanganisa isiZulu, isiSuthu kanye nesingisi (English) kube izilimi ezikhulunywa emagumbini okufundela nangaphandle kwamagumbi.

Lo mgomo ubuye uphakamise nokubandakanywa kolimi lwezandla lwase Ningizimu Afrika. Ukuphakanyiswa kwalo mgomo kusukela ekunconyweni yi-STRATEGIC PLANNING DIVISION eyaqhuba umklamo nokuhlolwa kwabafundi, ongweti, abefundisi, abezosekelo kannye namanye amalunga enyuvesi mayelana nalelisu.

Imiphumela yalolu chwaningo yaveza ukuthi abantu abakhuluma isisZulu nabakhuluma isiSuthu kulenyuvesi bachishe balingane ngokwenani.

“Loku kufunzelele ukugudluka emgomeni wokukhulunywa kwezilimi ezimbili kwaya emgomeni wokukhulunywa kwezilimi eziningi ezahlukahlukene, lezi zilimi azincintisani kodwa-nje zisetshenziswa abazikhulumayo ngezindlela ezahlukene.” kubeka  uMilani.

“Sidinga ukuboniswa ngokundlalekile emphakathini ngezilimi zethu njengomphakathi ezindaweni ezifana nama-LOGOS.”

Umgomo owendlule waphakanyiswa ngo-2003 lapho inyuvesi ithembisa ukuthuthukisa ulimi lwesiSuthu ilenze lube elokufundisa nalo kanye nesingisi. Lokhu kwakusho ukucwaningwa nokuthuthukiswa kwezi nsizakufunda, ubuchule bezolimi kubafundisi, ubuchuli bezolimi kongcweti kanye nakubafundi.

Ukushintshwa kolimi emibhalweni eqavile nasemithethweni yesikole, ukutolikwa emacaleni okuziphatha kabi kanye nokusetshenziswa kwezilimi  namasiko ahlukahlukene emicimbini enjenge yokuthweswa kweziqu  eminye yemithetho eyasungulwa ngaphansi kwalo mgomo.

Nokho, phezu kwawo wonke lama cebo inyuvesi ayizange iwamukele lo mugomo.

“Isidingo sasibonakala sona kodwa kukonke-nje, akubanga namizamo eyenziwa ndawonye.” Kubeka isekela shansela lezemfundo (deputy vice chancellor for academics) uAndrew Crouch.

Ungcweti oyilunga lwezolimi uTommaso Milani uthe umgomo owendlule wawu “umgomo owuphawu”, kanye nokuthi akukho nqubekela phambili eyenziwa ukuthuthukisa nokuqalisa isiSuthu la enyuvesi. Uqhube wathi lo mgomo wawu ngumbhalo nje oveza “ukuzenza kahle” kwenyuvesi maqondana nokusetshenziswa kwezilimi ezahlukene kodwa awuzange uguqulelwe ekwenzakaleni okubonakalayo.

Ngokuka Milani, ukunganda izikhubazo ezenzeke emgomeni owendlule inyuvesi kumele yabe imali yokuqaliswa komgomo omusha. Noma imuphi umgomo uyohlala “uwuphawu” uma kungekho noma kwentuleka inkece ebekelwe ukuba uqalwe, kusho uMilani.

UCrouch uvumile ukuthi inhloso yokwenza inyuvesi i-WITS isebenzise izilimi ezahlukahlukene kuzomele ibekelwe imali eyanele ukuze iphumelele.

“Akudingeki ukulahlekelwa isiko ngenxa yolwandle lwezeminotho.”kubeka uCrouch.

Izinkulumo ngalo mugomo omusha zizoqhubeka kuze kube uMandulo (August). Abafundi nabasebenzi benyuvesi bayagqugquzelwa ukuba babeke umbono wabo nabo. UMilani uthe uyathemba lo mgomo uzo “sekela ukulingana ngendlela eyiqiniso”

Ukusetshenziswa kwezilimi ezahlukahlukene sekuvele kuqalile kuyingxenye yezinhlelo zezifundo esikoleni sobudokotela (Wits Medical School) lapho abafundi kumele benze uhlelo lwezemfundo (a course) ngamalimi ajwayelekile aseNingizimu Afrika ngaphambi kokuba bathole iziqu zabo.

Ngokuka Karabo Ramugondo, ongungweti kwezamalimi aseAfrika nakwezolimi jikelele, uthe lo mgomo uzo “qiniseka ukusetshenziswa kwamalimi ahlukahlukene ezikhungweni lapho ezingaphezu kwelilodwa izilimi zingasetshenziselwa ukuloba, ukudla amathambo engqondo kanye nokuvundisa ulwazi.”

“siphila emiphakathini enamalimi namasiko athe chithi saka ahlukahlukene kanti lo mgomo wamukela ukuthuthukiswa kwamalimi aseAfrika ngaphandle kokuba asetshenziselwe ukuxhumana-nje emakhaya”kubeka uRamugondo.

Translated by: Mpilo Khumalo

Read this article in English